Lemvume noma ilayisense ayinakwedluliswa futhi kumele ikhishwe uma ifunwa yisisebenzi sasehlathini, isikhulu esihlonishwayo, iphoyisa noma isisebenzi esigunyaziwe.
Imicimbi ephathelene nokungcebeleka, ukufunda, ezamasiko noma ukufeza izinjongo zomphefumulo ingenziwa kulezondawo ezibekiwe (kuma-mephu, indawo echaziwe, imigudu eqoshiwe lapho kuhanjwa khona nezinye izimpawu).
Ukungena ehlathini likahulumeni kungenqatshwa ngaphandle kokuveza isizathu kanti izicelo zokubekelwa izikhala zingesulwa noma zimiswe wuMnyango.
Ukushishwa komlilo kwenqatshiwe ngaphandle kwasezindaweni ezihlinzekelwe khona.
Akekho onelungelo lokuphazamisa imisebenzi yabaphathi basehlathini nasendaweni kahulumeni.
Umonakalo oyodaleka esivunweni sehlathi noma kwenye yempahla kahulumeni nengenzeka ngenxa yesenzo somnini layisense, uyokhokhwa yilowo mnini layisense.
UKUTHOLA OLUNYE ULWAZI, AMAMEPHU NOMA IMIBUZO, UYACELWA UKUTHI UTHINTANE Isikhulu noma isisebenzi esiqokiwe - isibonelo, Usohlathi Omkhulu, Ikheli, Ucingo, Isikhahlamezi, ikheli lombani -e-mail address.
Bona uhlu lwemicimbi esiChibiyelweni A.
NgokweSigaba 19 noma 20 soMthetho kaZwelonke waMahlathi ka 1998 (National Forests Act, 1998 - Act 84 of 1998), ilungelo lokungena ehlathini likahulumeni ligcina kulezondawo ezikhonjiswe kuma-mephu ananyathiselwe (noma nalezo ezichaziwe), nokulandela imithetho ebekiwe. Qaphela ukuthi eminye imithetho eyengeziwe yokuvimbela kwamanye amahlathi njengoba iphawulwe ezinkombeni, kumamephu, emapheshaneni asakaziwe nangenye indlela ithathwa njengemele ihlonishwe.
Loluhlobo lwelayisense lusebenza kwenye yezinhlobo zokungena ezilandelayo njengoba zichazwe ngofaka isicelo, bese kuya ngokuthi yimiphi imicimbi nezinhlelo ezitholakalayo noma uhla lwemicimbi evumelekile..
